uMthetho" kushiwo uMthetho weziNyanga ka, 2004 (uMthetho ongunombolo 35 ka 2004); kanye inyanga" kushiwo umuntu okumanje usebenza ngemithi yesintu njengoba kuncazwe uMthetho.
Ngenhloso yokuqoka amalunga okukhulunywa ngawo ezindimeni c, e, h no i zesigaba 7 soMthetho, uNgqongqoshe kufanele akhiphe isaziso ePhephabhukwini loMbuso nasemaphephandabeni okungenani amabili asakazwa kuzwelonke nasezifundazweni emema abantu ukuba baphakamise amagama abantu abafisa ukuqokwa ukuba ngamalunga oMkhandlu.
Isaziso okukhulunywa ngaso kuloMthethonkambiso 2 kufanele sisho imininingwane ezobhekwa uma uzobhekelwa ukuqokwa njengelunga kanye nesikhathi okufanele athunyelwe ngaso amagama aphakanyisiwe.
a kwesigaba 7c soMthetho kufanele kuthunyelwe kuNgqongqoshe wesifundazwe noma ilunga lomkhandlu ophethe elibhekele ezempilo lapho inyanga eqokiwe isebenzela khona; futhi b izindima e, h no i zesigaba 7 soMthetho kufanele kuthunyelwe kuNgqongqoshe kaZwelonke.
Ilunga loMkhandlu oPhethe noma uNgqongqoshe wesiFundazwe kufanele athumele amagama ezinyanga ezintathu kuNgqongqoshe ukuze abhekwe mayelana nokuqokwa ngaphansi kwesigaba 7c soMthetho.
Uma uNgqongqoshe engatholi amagama aphakanyisiwe ngaphansi kwalomkhakha noma kuphakanyiswa amagama angenele njengoba kushiwo kulesi simemo, uNgqongqoshe angaqoka isibalo esanele sabantu abakulungele ukuqokwa ngaphansi kwesigaba 7 soMthetho noma acele ukuba kuphakanyiswe amanye amagama ukuze kufezwe lenhloso.
Umuntu ogama lakhe lithunyelwe ngaphansi koMthethonkambiso 5 ukuze aqokwe ngokwesigaba 7i soMthetho kufanele kube usesebenze kulowo mkhakha isikhathi esingekho ngaphansi kweminyaka emihlanu ngaphambi kosuku okulindeleke ukuba angase aqokwe njengelunga.
uNgqongqoshe kufanele akhiphe ePhephabhikwini loMbuso iGazethi amagama abantu abaqokwe njengamalunga oMkhandlu kanye nesikhathi abazoqala ngaso umsebenzi wabo njengamalunga oMkhandlu.
Ngiyafunga ukuthi ngiyafisa ukuwamukela ukuphakanyiswa kwegama lami nokuthi ngikhululekile ukusebenzela uMkhandlu weziNyanga weSikhasahana uma kwenzeka uNgqongqoshe engiqoka kulesi sikhundla.
Mina(amagama aphelele omuntu ophakanyisiwe nomsebenzi wakhe) ngiyafunga ukuthi ulwazi olunikwe lapha luyiqiniso , nokuthi kusemandleni akhe uNgqongqoshe ukuba angiqoke njengelunga loMkhandlu weziNyanga weSikhashana.
